STEM
INzululwazi, Ubuchwepheshe, Umngcikisho, noMchazazibalo (STEM), [1] iqembu lezifundo ezihlanganiswe ndawonye ngenxa yokuhlobana koqeqesho lwazo lobuchule. [2] Lezi zifundo ziizwa ngokuthi STEM, futhi zinamagalelo amakhulu kwezocandululo nokuthuthukiswa kwezobuchwepheshe. Lemikhakha ihlanhaniswa ndwonye ngenxa yokuthi igcizelela ikhono lokucabanga, ukuxazulula izinkinga, namakhono wokuhlaziya. Leli gama elithi STEM lisetshenziswa nalapho kukhulunywa ngenqubomgomo yezemfundo noma izinqumo zohlelomfundo ezikoleni. Lemikhakha inomthelela kwezentuthuko yabasebenzi, ukukhathazeka ngezokuphepha kuzwelonke nenqubomgomo yokufuduka, ehlanganisa okwamukela abafundi bokufika nabasebenzi bobuchwepheshe abafudukile.
Kubuywe kungavunyelwana ngoqeqesho oluyingxenye yeqembu le-STEM; nokuthi ingabe igama elithi inzululwazi lihlanganisa ziphi izinhlobo zenzululwazi, ingabe lihlanganisa inzululwazi yezenhlalo efana neyezomqondo, umchazabuntu, ezomnotho noma inzululwazi yezombusazwe. [3]
Abesifazane
[hlela | Hlela umthombo]Abesifazane bakha amaphesenti angama-47 abasebenzi baseMelika, futhi benza ama-24% emisebenzi ehlobene ne-IUUI. [4] E-UK abesifazane benza ama-13% emisebenzi ehlobene ne-IUUI (2014). [5] E-US abesifazane abane-IUUI izinga banamathuba amaningi okusebenza emfundweni noma ekunakekelweni kwezempilo kunamasimu we-IUUI ngokuqhathaniswa nabalingani babo besilisa.
Ukulinganiselwa kobulili kuncike emkhakheni wokufunda. Isibonelo, Iyuniyani yase-Europe ngonyaka ka-2012 abesifazane bakha ama-47.3% wezobonke, ama-51% ezesayensi yezenhlalo, ezamabhizinisi nezomthetho, ama-42% esayensi, izibalo kanye nekhompyutha, ama-28% wobunjiniyela, okokukhiqiza nokwakha, kanye no-59% yabafundi abaphothule kwi-PhD kwezempilo nakwezenhlalonhle.
Izixhumanisi Zangaphandle
[hlela | Hlela umthombo]NASA information for educators
- ↑ Hallinen, Judith (Oct 21, 2015). "STEM Education Curriculum".
- ↑ "Science, Technology, Engineering, and Mathematics (STEM) Education: A Primer" (PDF). Archived from the original (PDF) on 2018-10-09. Kulandwe ngomhlaka 2020-02-03.
- ↑ "Language, Thought, and Values" (PDF).
- ↑ "Women in STEM: 2017 Update". Archived from the original on October 3, 2018. Kulandwe ngomhlaka September 15, 2018.
- ↑ "Science careers face diversity challenge". Archived from the original on 2014-10-18. Kulandwe ngomhlaka 2020-02-03.